Nanoma kukhona impumelelo yezomnotho, inqubomgomo yombuso ebanzi yokwehluka okubanzi, izinhlelo ezingamasu kanye nokunye ukuqalisa, ukwehluka okubangwe yisikhathi esedlule kuyaqhubeka ukuba yingxenye yezomnotho zolimo bese kwenza njengokuphikisana nokukhula, ukuthuthukisa ezomnotho, ukwakhiwa kwezokuqashwa kanye nokuqedwa kobumpofu. Ukungalingani okukhulu kwezohlanga nezobulili ekunikezweni kokufinyelela emnothweni, imali engenayo, amakhono kanye nokuqashwa kuyaqhubeka. Ngokomphumela, isigaba siyaqhubeka ukukwenza okungaphansi kokusemandleni akho.
Le ncwajana esemthethweni ye-NAMC eyenzelwe ukwazisa bonke ababambi qhaza esigabeni sezolimo ngokuphathelene negunya le-NAMC ngezinhlelo zayo ezahlukile ezenza okuthile ukuqinisekisa ukuthi isigaba sinokuncintisana futhi siyaguqulwa. Ukuze kulungiselelwa ukuxhumana, sinikeze amathebhuli anemininingwane yokuxhumana yezinhlangano zezolimo ezehlukile nezikhungo zikahulumeni.
Ukweluleka uNgqongqoashe Wezolimo kanye namaqembu atheleleka ngqo nezindaba zonke eziphathelene nokumaketha ezolimo kuzimboni zokudla nezolimo, kunakwa izidingo zabahlanganyeli.
Ukuba ngumeluleki osemqoka ofanele nonempumelelo kuNgqongqoshe, i-DoA kanye nemboni yemikhiqizo yokumaketha nezolimo.
I-NAMC izakuthi, uma icelwa nguNgqongqoshe noma izenzele ngokwayo, iphenye ukumiswa, ukuqhubeka, ukuguqulwa noma ukuchithwa kwezehlakalo zomthetho kanye nezinye izehlakalo zemithetho ezithelela ukumakethwa kwemikhiqizo yozolimo, ukuhlola ukuthandeka, ukudingeka noma ukufaneleka kwezehlakalo, kanye nanoma kudingeka, ukuphakamisa okunye ekumisweni, ukuqhubeka, ukuguqulwa noma ukuchithwa kwezehlakalo zomthetho noma omunye umyalo womthetho bese ubika noma weluleke uNgqongqoshe ngokufanele
I-NAMC yenza imisebenzi yayo ngezinhlelo zobuchwepheshe ezine kanye nohlelo lokweseka okuhamba ngokuphambanisa.
Izindawo ezisemqoka ezisebenzayo zeyunithi Yizikimu Zemakethe/ ama-AgriBEE, Ezokuthengisa Nokuncintisana. Izinhlelo Zokuthuthukisa izimakethe yizona eziqalisayon eziphambili ezibonwe yi-NAMC ehlose ukugqugquzela nokulungiselela ukuhlangana kwabalimi abasafufusa kusigaba eziqondisiwe sezolimo nezokuthengisa ngaphakathi kwezinye izinto ukuklomelisa ukuthathelwa phezulu kwemikhiqizo evela kubalimi abamnyama eketangini lezimakethe. Izimboni zenyama ebomvu nama-citrus iye yaboniswa njengemboni esemqoka kuloku kuqalisa esikhathini esifushane. Isigaba futhi sinesibopho sokweluleka Ibandla ngezindaba eziphathelene namatherifi kanye nokuthengisa kanye nokwenza ucwaningo olufanele kule ndawo. Ekugcineni, isigaba Sokumaketha Nokuthengisa sizobamba igunya elisemqoka ekulunganiseni ucwaningo nezingxoxo ngokuphathelene nesimo sokuncintisana esigabeni sezolimo ikakhulukazi endaweni yokumaketha ezolimo.
I-NAMC kumanje yakha Izinhlelo Zokuthuthiksa Ezezimakethe ezehlukile ezihlose ukuzuzisa ezomnotho zesibili kwezolimo. Inhloso esemqoka yezinhlelo Zokuthuthukisa Ezezimakethe ukunikeza imiklomelo ezimakethe ukuthi zithenge kubakhiqizi abasafufusa. Ithagethi ukuthuthukisa kanye nokusebenzisa okungenani izikimu ezintathu ezinje ngonyaka. Loku kubonwa njengomsebenzi osemqoka oweseka Ukuthengisa Kwezolimo kwe-DoA kanye nesu Lesigaba Sokuthuthukisa Ibhizinisi Nokuthengisa Ezolimo ukumisa Izinhlelo ezine Zokwenza Impahla Ethengwayo ngo-Mashi ka-2006. Izinhleo Zokuthuthukisa Ezezimakethe zizonikeza ipulatifomu yabalimi abamnyama abahlanganisayo ngaphakathi Kwezinhlelo Zokwenza Zempahla Ethengiswayo.
Inqubomgomo yetherifi ibhekise ukubekwa ngaphezulu kwangabomu noma ukuhoxiswa kwentela noma ukuguqula isilinganiso sentela esikhona kukuthengisa kwamazwe ngamazwe ngezinhloso zokufinyelela izinhloso zokuthuthukisa zikahulumeni. Inhloso esemqoka yenqubomgomo yetherifi ngaphakathi kokunye ukuvikela izimboni zasekhaya, ukwenza ngcono isikhundla sokulinganisa ukukhokha kanye nokufanelisa amatherifi okungeniswa ezweni okuncintisana nempahla yasekhaya efanayo. I-NAMC ngokusebenzisa Isigaba sayo SokuMaketha Nokuthengisa sizohlosa ukuqhubeka ubuhlobo bokusebenzisana obuzondelene ne-ITAC bese beqalisa ukwenza umnikelo onencazelo kuzingxoxo zenqubomgomo yetherifi ephathelene nezolimo. Iphuzu lokuqalisa kuzakuba ukwakha amandla ethu okwenza angaphakathi esizokwazi ukuwafinyelela ngokuqasha osebenza ngezomnotho zokuthengisa ngaphakthi kwalesi sikhathi sokwethula umbiko.
Inhloso yesigaba ukwakha nokubhala phansi, ngokusebenzisa izibonelo zezehlakalo, okuhle okwenziwayo kokweseka abalimi. Isigaba sizothuthukisa sazise izifanekiso ezizoqhuba ukuxhumana kwezokuthengisa ezizohlanganisa Amabhizinisi Ayebandlululiwe Esikhathini esedlule kwezomnotho zesibili esigabeni sebhizinisi lezolimo (ezomnotho zokuqala).
Ibhizinisi kumele libe lizimisele futhi likwazi ukungena esisekelweni sokwabelana ngezindleko ngensiza edingekayo ngephesenti ezobekwa yi- NAMC.
I-NAMC ihlose ukwakha isikhwama esihlose ukusiza lawo mabhizinisi kunqolobane yemininingwane yabanikezeli ukuthi benze ngcono ukufinyelela kwabo ezimakethe ngalokho bakhule baqinise namabhizinisi abo. Usizo luzkubhekana ngqo nezindaba ezifana nokuqeqeshwa, ukwakha uhlelo lwebhizinisi, izinhlelo zokunikeza izitifiketi okusezingeni elifanele, ubeluleki, njll. Lolu sizo luzonikezwa ngokusebenzisa abanikezeli bezinsiza abanikezwe ilungelo lokunikeza iziqu. Inqubomgomo enemininingwane ngokusebenzisa nokuphatha imali izakwakhiwa.
I-ATAF ayikwazi ukunikeza ezezimali (isikweletu noma icala) noma ithenge impahla yanoma yiyiphi inhlobo. Loku kufaka izimoto, amabhilidi, izisetshenziswa kanye nesakhiwo soqobo. I-ATAF ayikwazi futhi ukusetshenziswa njengesikhwama semalimboleko noma ezaliswayo nganoma yiyiphi indlela. Isikhwama esizomiswa kungekudala se-DoA AgriBEE sizawuthagethwa ukuze sikhokhele leyo misebenzi efanelekile ethuthukiswe ngokuseebnzisa i-ATAF.
Ukwakha inqolobane yemininingwane yabanikezeli bamabhizinisi ayebandlululiwe esikhathini esedlule eNingizimu Afrika.
Ukuxhumanisa labo abasenqolobaneni yemininingwane nezimakethe ezifanele.
Ukuqhubekisa Ukukhipha Ezweni.
Isiboniso esisemqoka seseGaba Sokuthuthukisa Ibhizinisi (Isigaba se-ED) ukuhlela ukuvakasha okuvezayo okuyimpumelelo embonisweni wokuthengisa wamabhizinisi akunqolobane yemininingwane yabanikezeli. Ukuvakasha kuzosetshenziselwa ukusiza amabhizinisi lawo ayebandlululiwe esikhathini esedlule asenqolobaneni yemininingwane yabanikezeli futhi babonise ukuba nesimo sokuncintisana ezimakethe zaseNingizimu Afrika ukuthola izimakethe zokukhipha ezweni ezuzisayo.
Ukuxhumana kokunikezela kuqala ngokukhiqizwa yibhizinisi lezolimo noma ngengakwazi ukukukhiqiza. Imakethe kumele itholwe ukuze ikhiqizwe. Isigaba se-ED sizawusebenzisa i-ATAF yayo lapho kudingeka khona ukulungiselela ukuxhumana ngeketangi lokunikezela.
Ukuxhumana kwezimfuno kuqalisa ngokudingwa yimakethe. Amabhizinisi amakhulu ezolimo adinga abakhiqizi abancane ukuthi babanikezele ngempahla ethengwayo ukugcwalisa amanani abizwe ngaphakathi kokumilisa ngaphandle noma amakontileka okunikezela nabenzi zinqubo nezindali. Isigaba se-ED sizawusebenzisa i-ATAF ukweseka lawo mabhizinisi ezolimo akwaziyo ukusebenzisa ukuxhumana okwakhiwe ngokungafanele.
Isigaba siphatha zonke izindaba eziphathelene nezehlakalo zomthetho. Umthetho Wokumakethwa Kwemikhiqizo Yezolimo, ka-1996, wenza imibandela yezehlakalo ezinhlanu zomthetho, okungamalevi omthetho, amarekhodi nokubuyiswayo, ukuzibhalisa, ukuphatha ukukhishwa ezweni kwemikhiqizo kanye nokwenza izinhlu. Okwamanje kukhona izimboni eziyishumi ezisebenzisa amalevi ezomthetho, bese kuthi izimboni eziyi-14 zisebenzise amarekhodi kanye nokubuyiswayo nokuzibhalisa.
Ukuphenya izicelo ezintsha zokungenisa izehlakalo zomthetho kanye nokwenza iziphakamiso kuNgqongqoshe ngokuphathelene nezehlakalo zomthetho eziphakanyisiwe.
Ukuxhumana namaqembu atheleleka ngqo ukuthola ileveli yokwesekwa yezehlakalo zomthetho eziphakanyisiwe.
Ukuhlola ukuthi izimboni ezifanele ziyazihlonipha izimo zokuvunyelwa kuzehlakalo zomthetho.
Ukuthuthukisa izinqubomgomo eziphathelene nezehlakalo zomthetho.
Ngokulandela isigaba sama-20 se-MAPA, i-NAMC kudingeka ukuba igcine iphinde ibuyekeze njalo ngonyaka ukuzibhalisa kwamaqembu, atheleleka ngqo noma okungenzeka atheleleke yilo Mthetho. Lawa kungaba ngamaqembu abakhiqizi, abenzi zinqubo, abasebenzi, abezimakethi kanye nabathengi bomkhiqizo othile.
I-NAMC ihlose ukwakha nokuxhasa inhlangano esezingeni neliphezulu yocwaningo lokumaketha kwezolimo. Ukwengeza, I-NAMC izokunikeza imali ekuqeqeshweni kwabaneziqu kwezolimo eMaNyuvesi aseNingizimu Afrika.
I-NAMC izakusebenzisa imibandela esigabeni sesi-7 Somthetho Wokumaketha ukwenza uphenyo lwekomiti yesigaba sesi-7. Eyodwa yezinzuzo Zekomiti Lesigaba sesi-7 ukuthi ngaphakathi kweKomiti elinje, abameleli bawo wonke amaqembu athintekayo eketengeni lokuba yigugu angakhuluma ngezindaba ezifanele bese kuthi emva kwaloko baklhe umbiko wokweluleka oneziphakamiso bese bewunikeza Ibandla. Emva kokubhekisisa umbiko, Ibandla lizawube selidlulisela umbiko kuNgqongqoshe.
I-NAMC izawuphinde futhi ibuyekeze bese ihlola ukusetshenziswa kwazo zonke iziphakamiso ezivela emibikweni yekomiti eledlule Lesigaba sesi-7. Umbhalo oqukethe zonke iziphakamiso ezedlule uqoqelwe ndawonye.
I-NAMC izakwakha Izikhwama Sokucwaninga esingama-R3,4 miliyoni eqongelelweyo njengeyingxenye ngezimali ezigudluzelwe onyakeni wezimali ka-2005/06 , ibhajethi nokuxhaswa ngezimali ku-2006/07 okuvela kuzinhlangano zokucwaninga zamazwe ngamazwe. Isikhwama lizawunakekelwa ngokucophelela ukugwema ukuthi sisetshenziselwe imisebenzi yokuhambisa. Ngalesi sikhwama, i-NAMC izawucela wonke amaNyuvesi kanye nezinye Izikhungo Zocwaningo ezizibandakanyayo ekuthuthukiseni ucwaningo lwezimakethe ukuthi zifake iziphakamiso zokwenza umsebenzi wocwaningo.
Njengesu lokuthola isikhwama semali esengeziwe, i-NAMC izakusebenzisa ama-R3,5 miliyoni ukwenza amandla esigwadlulo esikhwama semali esengeziwe Kuzikhungo ezifana nezikhwama zezimboni, Amaforamu, Nezikhungo Zokunikezela.
IMIFUNDAZE: Ingxenye Yesikhwama Socwaningo Lwezomnotho izakusetshenziswa ukwakha amakhono wabaneziqu kwezolimo ngokusebenzisa ukuqeqeshwa kumaNyuvesi ahlukile eNingizimu Afrika. Isikhwama sizonikeza imifundaze kwabaneziqu abenza i-M.SC kanye ne-PhD Kwezomnotho Wezolimo. Abaneziqu kuzokulindeleka ukuba benze i-thesis yabo ngezihloko ezizokubhekana nezindaba izindikimba zocwaningo. Inhloso kuzakuba ukwakha uhlu lezingcweti ezineziqu ezingasebenza ku-NAMC kanye nabahlanganyeli bayo ezikhundleni ezehlukene.
